Kubikwa ukuthi usenkingeni nabaphathi umsakazi woKhozi FM

2017-01-22 18:34

Durban – Sekuvele izindaba ezithi umsakazi woKhozi FM, uNgizwenkosi Mchunu, usenkingeni ne-SABC kulandela umcimbi kaMroza Fakude, wodumo lwengoma ethi Van Damme.

Lo msakazeli womphakathi kuthiwa usuqalise uphenyo mayelana nezinsolo zokuthi lo msakazi weSigiya Ngengoma waholela ophathe abaxhasi balo mcimbi wathi uKhozi luzoba yingxenye yawo.

Ngokusho komthombo, uMroza wahlaba izinkomo eziyishumi kulo mcimbi wokubonga abalandeli abavotele ingoma yakhe yaba ngevelele.

Lo mcimbi wawuKwaHlabisa, KwaZulu-Natal, ngempelasonto eyedlule.

Omunye umthombo uthi uMchuno nomphathi wezinhleo, uZandile Tembe, bazama ukuphoqa uKhozi ukuba lube yingxenye yalo mcimbi.

OLUNYE UDABA: UNgizwe uphika izinsolo ezenziwe ngaye

“Umphathi wesiteshi uBonga Mpanza akazange avumelane nabo ngoba ekhala ngokuthi yena uya elivini.

“UNgizwe noZandile babe sebethola ithuba lokuphusha lo mcimbi ngaphandle kwemvume yabaphathi,” kusho umthombo.

Ethintwa uNgizwe uthe ngeke aphawule “ngala manga”.

UMpanza uthe: “Angazi lutho ngalo mcimbi, konke engakuzwa ngakuzwa ngiselivini ngase ngidlulisa umyalezo wokuthi kakumele kuqhubeke.”

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uthe yena ubengazi lutho ngophenyo oluqhubekayo.

UMroza noTembe abatholakalanga ukuba baphawule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.