Kubiza R250 000 ukuthola isihlalo etafuleni elizobe linoRamaphosa

2018-01-11 17:59

East London - Kumenywe izicukuthwane ezisuka ezindaweni nasemazweni ahlukahlukene emcimbini we-ANC wokugubha iminyaka engu-106.

Lo mcimbi ozokuba ngoMgqibelo uzobe uhanjelwe nguMengameli waseKenya u-Uhuru Kenyatta kanye nalowo owayenguMengameli waseMozambique uJoaquim Chissano, uMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nalowo owayenguMengameli uKgalema Motlanthe.

Okhulumela ihhovisi likaMengameli waseKenya uMenoah Esipisu, ukuqinisekisile lokhu ngokuthi: “Kuqinisekiswa izolo ukuthi uMengameli wethu uzohambela umcimbi we-ANC ozokuba se-East London ngale mpelasonto.”

UKenyatta ukulele ngohambo lomsebenzi kanti njengoba ezokuba nomhlangano noMengameli uZuma eThekwini, ngaphambi kokuba bajoyine abanye abaholi e-East London.

OLUNYE UDABA:Akukhulunywanga ngekusasa likaZuma emhlanganweni we-NEC

Iphephandaba iSowetan lithole ukuthi uMengameli uZuma uzotheleka e-East London ngoLwesihlani ukuba yingxenye yesidlo sasebusuku esenzelwe ukuthola uxhaso lwezimali.

Kulesi sidlo, uMengameli kaKhongolose uCyril Ramaphosa uyena ozokuba yisikhulumi esiqavile.

Kuthiwa isihlalo esibiza kancane kunazo zonke etafuleni elizobe lihleli uRamaphosa sizokuba ngu- R250 000.

Umcimbi omkhulu uzokuba ngoMgqibelo lapho kulindeleke amalungu e-ANC angu-120 000 ukuba agcwalise izinkundla ezintathu iBuffalo City, Buffalo Park neJan Smuts.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.