Kubonakale owesifazane enqunu emathuneni kungcwatshwa

2018-03-05 16:02

Johannesburg - Owesifazane obezihambela ngesudi yesele obonakala sengathi iminyaka yakhe igijimela kweko-40 ubudala, ushaqise abebehambele umngcwabo eBurgersfort, eLimpopo, ngoMgqibelo.

Lo wesifazane uvele wathushuka emathuneni ngesikhathi umphakathi umatasa ngomngcwabo wesinye isakhamuzi.

Kuthe abazili besamangele, kwabonakala lo wesifazane esekotela amathuna.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe owesifazane ongaziwa elele enqunu embhedeni wengane eLimpopo

Abantu abebethukile babe esebethatha izithombe beqopha nama-video atshengisa lo wesiofazane abebembiza ngomthakathi egxumagxuma phezu kwamathuna.

Abanye abantu bebezwakala bethi kumele abulawe.

Kwi-video, lo wesifazane ubonakale ehla enyuka ehamba emathuneni esuka kwelinye eya kwelinye, aphinde ame ashuthe izithombe phezu kwamatshe amathuna.

Abanye abantu bebezwakala behleka kakhulu abanye bebememeza bethi: "Usuzoyeka ukuba ngumthakathi maje njengoba usubanjwe oqotsheni!"

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.