Kuboshelwe no-AKA kosaziwayo asebezosakaza kuTouch HD

2017-06-21 11:01

Johannesburg – Isiteshi somsakazo esitholakala ku-internet (digital) nesasungulwa yilowo owayengumsakazi weMetro FM, uTBo Touch, iTouch HD, sizilungiselela izinguquko ezinkulu ezinhlelweni zalesi siteshi.

Lezi zinguquko zibandankanya nokwengezwa kwabasakazi abasha kanye noshintsho ezinhlelweni zamaphakathi nesonto kanye nezinhlelo zangempelasonto. Lezi zinguquko ziqale ukusebenza ngoLwesithathu, mhlaka-21 Juni 2017.

ITouch HD isiyethule izinhlelo ezakhiwe ngokukhethekile, nezingeke zibe yingxenye yezinhlelo ezihlale zikhona nsuku zonke, kodwa zizokwenziwa ukuba zitholakale ngokukhethekile kulabo abasebenzisa i-application yeTouch HD ukulalela lo msakazo.

OLUNYE UDABA: Umakadebona womsakazi ulaxaze iMetro FM wajoyina isiteshi esisha

I-Funny You Said That, iwuhlelo lokuqala lwalezi zinhlelo ezakhiwe ngokukhethekile ezizotholakala kuma-podcast, nokuzobe kuwuhlelo oluzokwethulwa u-Eugene Khoza kanye noSimmi Aref. Lolu hlelo luzotholakala ngoMsombuluko nangoLwesithathu.

Umrepha wakuleli ongaconsi phansi, u-AKA, naye uzoba nohlelo oluzotholakala kuma-podcast, noluzokwengezwa ngasekupheleni kukaJuni.

“I-Touch HD imayelana nokwenza izinyathelo ezingalindelekile nhlobo. Siyaziqhenya kakhulu ngokwenza iTouch HD ikhaya lwezobuciko ku-AKA, Eugene Khoza kanye noSimmi Aref,” kusho uTbo Touch.

Okunye okuqaphelekile ezinguqukweni zalo msakazo ukuthi uhlelo lwezindaba ezisematheni iTim Modise Network noluhamba phambili ngesibalo sama-downloads ama-podcast kulesi siteshi, manje selululelwe isikhathi njengoba kade lungena ngemiSombuluko noLwezibili, kanti manje seluzotholakala nangoLwezithathu kanye noLwezine.

Baboshelwe kanje abasakazi ezinhlelweni ezintsha kulo msakazo:

NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu
The Expensive Breakfast- Izokwethulwa uGlen Lewis and Nina Hastie (07:00 to 10:00)
Let's do Lunch – Izokwethulwa uThembisa Mdoda- (10:00-13:00)
The Millennial Watch- Izokwethulwa u-Ayre kanye noRorisang (13:00 to 15:00)
The Touch Touchdown- Izokwethulwa uTbo Touch kanye noKatlicious (15:00-18:00)
The Modise Network- Izokwethulwa uTim Modise (18:00-20:00 ngoMsombuluko kuya kuLwesine)
New Sports Show- TBC ( 20:00-21:00 ngoMsombuluko nangoLwesibili)
The Rush hour- Izokwethulwa nguKyle Worde noKhabonina (21:00 to 23:00 ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu 18:00-20:00 ngoLwezihlanu)
Party Starters- DJ Capital & MC Yoda (21:00-23:00 ngoLwezine kanye nango-20:00-22:00 ngoLwezihlanu)

NgoMgqibelo

Khabonina noKyle (07:00-09:00)
The Hotspot- Izokwethulwa uThapelo Ramabulane kanye noJennifer Sanisie (09:00-11:00)
Sammy Sosa (11:00-13:00)
The Touch HD Top 30-  Izokwethulawa nguFelicity (13:00-15:00)
Vince (15:00-18:00)

NgeSonto

Bishop Noel Jones (06:00-07:00)
Helen Herimbi (07:00-10:00) 
The Sunday Cook Book- Izokwethulwa nguBenny Masekwameng kanye noYanela Tokota (10:00-12:00)
Sammy Sosa (12:00-14:00)
Macfarlane  (14:00-17:00)
Tim Modise (17:00-19:00)
Kabomo On Soul- Izokwethulwa ngu-Kabomo (19:00-21:00)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.