Kuboshwe 2 ngokubamba inkunzi ngesibhamu sethoyizi

2016-11-23 12:32

Cape Town - Amaphoyisa ngoLwesithathu athe ukusukumela phezulu kwawo kuholele ekutheni kuboshwe abasolwa ababili abasebenzise isibhamu sethoyizi ukubamba inkunzu isitolo esidayisa ukudla okusheshayo.

"Kuboshwe abasolwa ababili kwabathathu ngemuva kokubamba inkunzi isitolo sokudla okusheshayo eValue Centre, eGoodwood, ngoLwesibili ebusuku," kusho uLieutenant Colonel André Traut esitatimendeni.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele obekhomba abashayeli ngesibhamu sethoyizi e-PE

UTraut uthe ngezithuba zabo-22:45 ngoLwesibili abasolwa bangena kule ndawo bakhomba abasebenzi ngezibhamu bayikhipha yonke imali ethilini.

"Babaleka endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lweFord Telstar emhlophe kodwa ngeshwa babanjwa ngamaphoyisa ophiko lwe-SAPS," kusho uTraut.

"Oyedwa kubasolwa ukwazile ukubalekela ukuboshwa, kwaboshwa ababili oneminyaka engu-31 ubudala noneminyaka engu-32 ubudala ngokutholakala nemali eyebiwe nesibhamu sethoyizi."

UTraut uthe abasolwa bazovela enkantolo yaseGoodwood ngecala lokuphanga.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.