Kuboshwe 4 ngokubulawa kwabantu abangu-14 eBenoni

2017-03-15 12:29

Johannesburg - Amaphoyisa asebophe abantu abane ngecala lokubulawa kwabantu abangu-14 okusolakala ukuthi ngabavukuzi abangekho emthethweni ngasekuqaleni kwenyanga.

Izidumbu ezingu-14 zatholakala ngokwehlukana ngasemayini engasasebenzi eBenoni ngeledlule zinamanxeba okudutshulwa.

Kwaqale kwatholakala izidumbu eziyisithupha ngasemzileni wesitimela eBenoni. Ezinye zatholakale ngoMsombuluko ngasemfuleni.

Kukholakala ukuthi izisulu zabulawelwa kwenye indawo zabe sezilahlwa kulezi zindawo ezatholakala kuzona.

OLUNYE UDABA: 'I-CPS ihlomula ngabantu abahlwempu'

Le ndawo kuthiwa isiphenduke inkundla yempi phakathi kwamaqembu abanga ukuphatha le mayini engasasebenzi.

Esithangamini sabezindaba ngoLwesibili ebusuku, ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant-General Khomotso Phahlane‚ udalule ukuthi kuboshwe abantu abane, bonke okungabaseLesotho.

Uthe abathathu kubona babanjwe eLesotho kanti oyedwa ubanjwe eNingizimu Afrika.

Abasolwa batholakale nezibhamu okukholakala ukuthi izisulu zabulawa ngazo.

- SwetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.