Kuboshwe 5 ngezimbuzi ezitholwe etekisini

2016-05-19 11:34

Johannesburg - Abambe ongezansi amaphoyisa ahlangabezane netekisi emgwaqeni oseMeyerton, eMidvaal ebithwele izimbuzi ezingu-14 phakathi.

Kuboshwe amadoda amahlanu ngalesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-01:40 ekuseni ngoLwesibili ku-Pierneef Street.

Isithombe esesisabalale enkundleni yezokuxhumana sitshengisa lezi zimbuzi zimile etekisini, ezimbili zime phezu kwezihlalo zangaphambili zidunusele umgwaqo kanti ezinye bezimile ngemuva njengoba izihlalo bezikhishiwe.

OLUNYE UDABA: Aboshiwe amadoda abeseyiqedile imfuyo endaweni

Okhulumela amaphoyisa uConstable Maria Letsele uthe amaphoyisa abeqhuba umsebenzi wawo njenghenjwayelo ngesikhathi emisa izimot ezintathu ebezihamba ndawonye iveni yohlobo lwe-Hilux emhlophe, iVolkswagen Jetta emnyama netekisi.

Ngesikhathi amaphoyisa ekhuluma nomshayeli abone imfuyo etekisini.

ULetsele uthe umshayeli nabanye abebephakathi etekisini abakwazanga ukuchaza mayelana nezimbuzi.

La madoda aseSoweto naseKliprivier aboshiwe athweswa icala lokweba imfuyo.

Labo abebehamba ngeJetta neveni abalekile endaweni yesigameko.

Itekisi ishaqiwe kodwa uLetsele uthe umnikazi wetekisi akaziwa  kanti futhi akekho osabikile ngokulahleka kwayo.

Khonamanjalo lezi zimbuzi ezingu-14 zibuyiselwe kumnikazi wazo waseSherman Park eMeyerton, kubika iThe Mercury.

Ngonyaka odlule kwagwetshwa indoda yaseKurhuleni iminyaka engu-80 ngokweba imfuyo yemali elinganiselwe kwengu-R2 million eLimpopo naseNorth West ngo-Julayi nago-Agasti 2013.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Senior Project Manager

Cape Town
Mass Staffing Projects
R600 000.00 - R750 000.00 Per Year

Audit Senior

Cape Town
Tumaini Consulting
R180 000.00 - R216 000.00 Per Year

C# Team Lead

Cape Town
Goldman Tech Resourcing
R300 000.00 - R480 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.