Kuboshwe ababambe inkunzi esitolo sakwaMcDonald

2017-08-21 15:59

Johannesburg - Akhalelwe ngamasongo kaSigonyela amadodama amathathu aneminyaka ephakathi kwengu-28 nengu-26 ubudala, eGauteng ngokubamba inkunzi isitolo sokudlela sakwaMcDonald, kusho amaphoyisa aseTshwane ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Tumisang Moloto uthe laba bobathathu basolwa ngokuphanga isitolo sakwaMcDonald ngakuChruch Street, ePretoria West, ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe nephoyisa laseGoli kwabebezama ukuphanga epulazini

"La madoda kusolwa ukuthi angene kulesi sitolo akhomba amakhasimende nabasebenzi ngezibhamu. Athatha isamba semali esingaziwa, amaselula namakhadi asemabhange ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko," kusho uMoloto.

"Umsolwa wokuqala uboshwe ngoMgqibelo ekuseni kwathi abanye ababili baboshwa eDiepsloot, eGoli, ngoMgqibelo ntambama."

UMoloto uthe abasolwa bazovela maduze enkantolo.

 - ANA

 - The Citizen

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.