Kuboshwe ababannjwe bezenza amaphoyisa

2018-03-03 15:53

Polokwane – Amaphoyisa abophe abesilisa ababili ngokuzenza amaphoyisa ngemuva kokubanjwa besebenzisa izimoto ezinemibhalo yamaphoyisa endaweni yaseWesternburg ngaphandle kwasePolokwane.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant colonel Moatshe Ngoepe uthi izimoto ezimbili, okuthiwa ngezeNirvana Community Police Forum (CPF), zishaqiwe ukuze kwenziwe uphenyo.

Ukhomishana wamaphoyisa uLieutenant general Nneke Ledwaba uthi lesi sigameko abasithathi neze kancane.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini

Uthi lokhu kumele kuqedwe, kanti futhi abanecala kumele babhekane nengalo yomthetho.

“Noma ngabe yiliphi ilungu lomphakathi elibona imoto esolisayo enemibhalo yamaphoyisa kumele axhumane namaphoyisa ngokushesha,” kusho uLedwaba.

UNgoepe uthi kuboshwe abesilisa ababili kanti bazovela eNkantolo kaMantshi ePolokwane maduzane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.