Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

2017-08-07 09:33

Durban – Ibamba likakhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uMaj-Gen Bheki Langa ligxeke ukubulawa kwabantu abathathu eMbongolwane ekuseni ngeSonto.

“Sishaqekile ngokubulawa ngesihluku kwabantu abamsulwa okungenamqondo. Sinxusa umphakathi ukuba wehlise umoya, uvumele amaphoyisa enze uphenyo ngalolu daba ukuze ababulali bezobhekana nengalo yomthetho.

"Abantu kumele baxoxisane ukuze basombulule ukungaboni kwabo ngaso linye ngendlela enokuthula kunokuba bangenele udlame,” esho.

Ngo-02:00 ekuseni ngeSonto, abantu abahlanu bebelele endlini eMbongolwane ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangaziwa.

OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo 'ababulala umfana'

“Badutshuliwe, nendlu yabo yashiswa ngomlilo. Abantu abathathu, abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-50 ubudala, bashonile, kanti abanye ababili baphuthunyiswe esibhedlela besesimweni esibucayi.

“Ngeke saqagula ukuthi yini eholele ekuhlaselweni kwabo okwamanje njengoba kusaphenywa.

"Abantu ababili abasolwa ngokubandakanyeka kulesi sigameko baboshiwe ngenhloso yokuba baphekwe ngemibuzo,” kusho uLanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.