Kuboshwe ababili ku-N2 betholakala namatshe

2018-01-25 12:30

Durban - Kuboshwe amadoda amabili ngemuva kokubonakala ephethe amatshe ehamba phezulu ebhulohweni labahamba ngezinyawo ku-N2 eduzane nakuNandi Drive ngoLwesithathu.

Kukholakala ukuthi la madoda abonwe ngumshayeli obedlula ngendlela wabe eseshayela amaphoyisa.

Amaphoyisa omgwaqo abesebenza endaweni ngaleso sikhathi yiwo aphuthumile abopha abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala, uParboo Sewpersad, uqinisekise ukuboshwa kwamadoda amabili, eneminyaka engu-23 ubudala neneminyaka engu-25 ubudala asiteshini samaphoyisa aseGreenwood Park.

OLUNYE UDABA: Baphoswa ngemibuzo abangu-6 mayelana nokuhlaselwa kwezimoto ngamatshe ku-N2

"La madoda aboshelwe ukutholakala nezikhali eziyingozi. Kuphinde kwatholakala no-okapi kuwo la madoda," kusho uSewpersad.

Ngaphambilini osukwini, owesifazane ubeyisisulu sakamuva sokuhlaselwa ngetshe.

Lo wesifazane ubehamba ku-N3 ebheke eThekwini ngesikhathi indoda ishaya imoto yakhe yohlobo lweMini Cooper ngetshe.

Umshayeli nakuba ethukile, akazange alimale.

Ngesonto eledlule, izaguga ezimbili zazihamba kuyo le ndawo ngesikhathi imoto yazo ishaywa yitshe labulala iwindi.

Sekunohide lwezigemegeme ezifana nalezi ezindaweni ezahlukene edolobheni, njengoba ngenyanga edlule kwashona abantu ababili ngesikhathi imoto ababehamba ngayo ishaywa ngetshe.

Izelamani, u-Amina no-Abdur Raheem Haffejee, baphuthunyiswa esibhedlela kodwa kwagcina kubenele. 

- Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.