Kuboshwe ababili kulandela esokudubula kuvulwa iMall eGoli

2017-03-17 07:14

Johannesburg - Kuboshwe amadoda amabili asolwa ngokubadakanyeka esigamekweni sokudubula esenzeke eSprings Mall namuhla (ngoLwesine)ekuseni.

Ngokombiko we-Springs Advertiser la madoda aboshwe lingakapheli nehora kwenzeke isigameko.

Imenenja yale nxanxathela yezitolo ithe sibashaqisile isigameko ikakhulukazi njengoba izinga lokuphepha beliphezulu ekuseni.

UKathryn Payton weMarketing Concept uthe bekunamaphoyisa angaphezu kuka-200 endaweni, bekukhona nabengawufakile umfaniswano, kukhona ngisho nawakwaMasipala waseKurhuleni, onogada beMall kanjalo nonogada benkampani ezimele.

OLUNYE UDABA: Kuqhume isibhamu kwalimala inqwaba kuvulwa iMall eGoli

Izibhamu ziqhume ngemuva kokuvulwa kwale ndawo, nakuba kunjalo isigameko asizange sibaxoshe abathengi njengoba bebelokhu bethelekile.

IKempton Express ibike ukuthi oweNetcare911 uChris Botha uthe kulimale abantu ababili esigamekweni.

"Imibiko iveza ukuthi bekubanjwa inkunzi imoto yemali. Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi kulimale abantu ababili. Abosizo lokuqala basebenze ngokuzikhandla ukunikezela ngosizo lwezempilo kwabalimalile," kusho uBotha.

"Oyedwa walabo abalimalile uphuthunyiswe esibhedlela esiseGauteng ngendiza enophephela emhlane. Omunye uphuthunyiswe nge-ambulensi esibhedlela esiseduze," kusho uBotha.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.