Kuboshwe ababili kutholakala izidakamizwa ezingabiza u-R1.9m

2018-03-13 07:52

Cape Town – Abaseshi baseWestern Cape babophe abesilisa ababili eVanrhynsdorp, eWest Coast, ngezinsolo sokutholakala nezidakamizwa ezingabiza u-R1.9m.

Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uLieutenant Colonel Andrè Traut uthi abaseshi bebekule ndawo ngoMsombuluko ngesikhathi bemisa imoto ebisolisa.

OLUNYE UDABA: Lizibulele iphoyisa elibulale umkalo

"Kuthe uma iseshwa kwatholakala amaphilisi ezidakamizwa ze-Mandrax azingu-22 000, kanye nezidakamizwa ze-heroin zesisindo esingu-4.2kg.

“Uma sebethweswe amacala, abesilisa ababili, abaneminyaka engu-55 ubudala, bazovela enkantolo eseVredendal," kusho uTraut.

Ukhomishana wamaphoyisa eWestern Cape uLieutenant General Khombinkosi Jula uzwakalise ukubonga ngomsebenzi owenziwe amaphoyisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.