Kuboshwe ababili ngawokubulala abesifazane eLimpopo

2017-08-01 18:00

Malamulele - Kuboshwe abantu ababili ngemuva kokubulawa kwabantu besifazane ababili eXikundu, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

Laba bobabili, oneminyaka engu-34 noneminyaka engu-37 ubudala baboshwe ngoMsombuluko ebusuku, kusho uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.  

Izisulu zidutshulwe zabulawa ngeSonto ezigamekweni ezimbili ezahlukene eXikundu, okungamakhilomitha angu-25 neningizimu-yentshonalanga yeKruger National Park.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umfundi,15, emagcekeni esikole

Omunye walaba besifazane uhlonzwe ngelikaMamaila Maria Maluleke, 62. Kuthiwa wantshontshelwa isamba semali esingadalulwanga. Kulesi sigameko kuthiwa kulimale nomyeni wakhe ngemuva kokudutshulwa kanti indodakazi yakhe ayizange ilimale.

Isisulu sesibili sona sineminyaka engu-19 ubudala kanti siyisitshudeni ebesenza umatikuletsheni. Besikhulelwe ngesikhathi sibulawa.

Le ntombazane kuthiwa wayinomama wayo ekhaya ngesikhathi kugasela abasolwa bayidubula, yashona. Umama akazange alimale kulesi sigameko.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseSaselamani maduze.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.