Kuboshwe ababili ngezinsolo zokweba izimbuzi ezingu-13 e-KZN

2017-09-08 12:29

kwaSwayimane - Abasolwa ababili ababanjwe nezimbuzi ezingu-13 bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Laba basolwa baboshwe ngesikhathi amaphoyisa ephume umkhankaso wokubamba labo abasolwa ngokweba imfuyo kwaSwayimane, eWartburg.

Ngezintatha zangomhlaka-6 Septhemba 2017 amaphoyisa aseWartburg aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abeba imfuyo endaweni.

Ngesikhathi esasebenza amaphoyisa, athole umbiko ngabasolwa abasendaweni yakwaSwayimane.

OLUNYE UDABA:Ikhehla lizitholele ngokwalo izinswelaboya ezeba izimbuzi zalo

Amaphoyisa ababele khona athola owesilisa eqhuba izimbuzi ezingu-13. Lo mlisa uphekwe ngemibuzo ngaphambi kokuba aboshwe.

Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kumsolwa wesibili. Kulezi zimbi ezotholakele, owesilisa ukwazile ukukhomba ezine okungezakhe waveza nobufakazi balokhu.

Ezinye izimbuzi ezingu-9 zihanjiswe lapho okugcinwa khona imfuyo eyebiwe etholwe ngamaphoyisa, eHowick.

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uwashayele ihlombe amaphoyisa ngokusebenza ngokuzimisela ekulweni nokwebiwa kwemfuyo esifundazweni. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.