Cape Town – Kuboshwe abantu ababili abasolwa ngokudubula
umshayeli wesitimela sakwaMetrorail washona uPiet Botha, esiteshini iNetreg,
eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
UBotha, 46, ubeqeqeshwa kabusha kanti udutshulwe elinde
isitimela ngoMsombuluko, ngokusho kwe-United National Transport Union.
Amaphoyisa alandele umkhondo ase
ebopha owesilisa, 22, otholakale nesibhamu esingekho emthethweni ngoMsombuluko
ntambama, kusho uConstable Noloyiso Rwexana.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umshayeli wesitimela washona
Omunye umsolwa, 37, zimkhalele ngoLwesibili ekuseni, naye
utholakale nesibhamu esingekho emthethweni.
URwexana uthe balandele umkhondo
ngesibhamu okuthiwa sithukuswe emzini oseBishop Lavis.
"Amaphoyisa abe esebabela khona nangempela sthola isikhwama sifihlwe ngaphansi
kombhede zase zimkhalela kanjalo umsolwa.”
Imenenja yakwaMetrorail uRichard Walker, uthe lesi sigameko
siqoshwe amakhamera e-CCTV.