Kuboshwe ababili ngokudayisa izincwadi zokushayela

2017-09-01 09:33

Mahikeng – Abesilisa ababili, abasolwa ngenkohlakalo kanye nokukhwabanisa, badedelwe ngebheyili ka-R1 000 yiNkantolo kaMantshi eStilfontein eNorth West ngoLwesine.

OKlebe eNorth West babophe owesilisa oneminyaka engu-43 ubudala uRoland Ellen Erens – lapho kuhlolelwa khona ukushayela eStilfontein – kanye noTlhakanye Shadrack Kalane,72, - ofundisa ukushayela - ngo-Agasti 29.

Lokhu kungemuva kokuba u-Erens esolwa ngokunikeza owesifazane izincwadi zokushayela ngoNovemba 2016 ngaphandle kokumhlolela ukushayela.

Ngokusho kukaCaptain Tlangelani Rikhotso, owesifazane kuthiwa wafunda ukushayela izinsuku ezingu-8 kuKalane e-He & She driving school.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu okukholakal ukuthi ngesomfana obelahlekile

U-Erens kuthiwa waqamba amanga wabhala ukuthi umhlolelile ukushayela lona wesifazane.

Kukholakala ukuthi owesifazane wayehlangane nalaba ngaphambi kosuku ayebekelwe ukuba uzohlolwa ngalo, wabe esekhokha u-R5000.

URikhotso uthe abasolwa baboshelwe icala lenkohlakalo nokukhwabanisa.

Icala lihlehliselwe u-Okthoba 11.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.