Kuboshwe ababili ngokutholakala namaphilisi ezinhlungu angu-6 000

2018-03-12 18:01

Johannesburg - Bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela abantu besifazane ababili abatholakale nendathane yamaphilisi ePort Elizabeth ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa yColonel Prscilla Naidu uthe laba bobabili baneminyaka engu-31 nengu-38 ubudala babonwe ngamalungu eFlying Squad ePE- behamba kuStanford Road ngezithuba zabo-11:00 ngeSonto.

"Laba bobabili ngesikhathi bebona imoto yamaphoyisa babe sebephakamisa izinyawo, beshesha beyongena endaweni yokupaka izimoto esibhedlela," kusho uNaidu.

OLUNYE UDABA:Kwebiwe amaphilisi ezinhlungu esibhedlela e-KZN

"Amaphoyisa abalandela amamisa, kwaseshwa izikhwama zabo kwatholakala amaphilisi ezinhlungu (istilpane) angu-6 000 nemali. Laba besifazane abakwazanga ukuchaza ngale nqwaba yamaphilisi abawaphethe."

Bopbabili abasolwa abaseGeorge baboshelwa icala lokutholakala namaphophilisi ngaphansi kweMedicen Control Act.

Bekulindeleke ukuba bavele namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMantshi yaseGelvandale.

 - HeraldLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.