Kuboshwe ababili ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

2017-12-31 08:33

Cape Town – Kuboshwe abasolwa ababili ngoLwesihlanu ekuseni ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eHermanus.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC Van Wyk uthe amaphoyisa ophiko oluhlanganisa olwase-Overberg lwe-Crime Intelligence, olwaseMaitland lwe-Flying Squad kanye neNational Intervention Unit aseshe imizi ekuGousblom Street eMount Pleasant, eHermanus.

Uthe khona lapho amaphoyisa abophe abasolwa ababili abatholakale nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

“Amaphoyisa alandele imininingwane, abe eseyosesha imizi. Kuthe esasesha, kwatholakala isibhamu sohlobo lwe-357 Magnum kowesilisa oneminyaka engu-34 ubudala obezihlalele ngaphandle komoto. Uzothweswa icala lokuphatha isibhamu zingekho zincwadi zaso,” esho.

OLUNYE UDABA: Akekho ongakhali ngowaKwaMashu okutholakale entanta edamini

UVan Wyk uthe amaphoyisa aphinde athola i-shotgun ophahleni lwendlu kwelinye lamagumbi omuzi.

“Ngokuhamba kwesikhathi kutholakale ukuthi i-shotgun le kwabikwa ukuthi yebiwe eCaledon. Amaphoyisa aphinde athola insangu kanye ne-Tik,” kusho uVan Wyk.

“Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala ngaleli cala, kanti uzothweswa elokutholakala nezibhamu angenazo izincwadi zaso kanye nezidakamizwa.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.