Kuboshwe ababonakale begqoke ama-camouflage

2017-01-07 11:01

Cape Town – Amaphoyisa aseZimbabwe abophe abantu abayisikhombisa ebebegqokise okwamasosha, kusho abezindaba bakuleliya lizwe ngoLwesihlanu.

Ngokombiko weThe Herald, lokhu kungemuva kokuba amaphoyisa exwayise izakhamuzi ngokugqokisa okwamasosha.

"Singakuqinisekisa ukuthi bayisikhombisa abantu ababoshwe eKadoma ngokugqokisa okwamasosha. Bonke baboshwe ngoDisemba 31, 2016, e-Odyssey Night Club beziphuzela ubhiya,” kusho isikhulu sampahoyisa uCommissioner Charity Charamba esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe nowayeyiphoyisa ngelokuphanga ibhange

Iziphathimandla ngenyanga edlule zixwayise izakhamuzi zaseZimbabwe ngokugqokisa okwamasosha, zithi lokhu akukho semthethweni, kuphambene nomthetho wezokuvikela.

Ngaleso sikhathi umqondisi weZimbabwe National Army Public Relations, uLieutenant Colonel Alphios Makotore, wathi abantu abangeke bawuthobele lo mthetho bazoshushiswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.