Kuboshwe abafundi abangaphezu kuka-30 embhikishweni wabafundi

2018-03-02 17:59

Durban – Abafundi abangu-32 kulindeleke bavele enkantolo ngoLwesihlanu kulandela umbhikisho ophenduke waba nodlame e-University of Zululand ngoLwesine.

"Abafundi abangu-32 baboshwe izolo [ngoLwesine] kanti bazovela namhlanje eNkantolo kaMantshi eMthunzini," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

UZwane uthe isakhiwo kanye nezimoto ezimbili kuthungelwe ngomlilo ngoLwesine. Amaphoyisa asiqaphile isimo ngoLwesihlanu.

"Amaphoyisa aseMthunzini kanye nagcina ukuthula emphakathini anikele kweyesigameko (ngoLwesine) ukuyolawula isixuku ebesivuke umbhejazane," esho.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantoo uMcebo Dlamini

Ngokwemithombo engaphakathi enyuvesi, abafundi bebebhikisha befuna imali yokudla.

Inyuvesi igcine ithathe isinqumo sokusivala isikhungo saKwaDlangezwa ngenxa yezizathu zokuphepha kwabasebenzi nabafundi kanjalo nempahla.

Inyuvesu ithe izoqinisa ezokuphepha, kanti isikhungo sizovalwa kuze kube bathatha isinqumo esehlukile abaphathi.

Ekhuluma neNews24, omele umkhandlu wabafundi, uNdumiso Ntshangase, ukugxekile ukucekelwa phansi kwempahla.

Uphinde wathi nakuba amaphoyisa ebophe abafundi abaningi, akubona bonke abanecala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.