Kuboshwe abahlanu ngokutholakala nemifaniswano yamaphoyisa

2017-11-03 14:01

Cape Town – Kuboshwe abasolwa abahlanu eSomerset West ngokutholakala nemifaniswano yamaphoyisa.

Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngemoto engaqondakali enabantu abahlanu phakathi ebebefuna ukubamba inkunzi isitolo esisenxanxatheleni yezitolo eSomerset West.

"Ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba zibhekana nengalo yomthetho, amaphoyisa aseSomerset West abikelwe ngamalungu omphakathi ngemoto ebomvu yohlobo lwe-Golf 6 enabantu abahlanu phakathi ebebefuna ukubamba inkunzi isitolo eSomerset Mall, ayilandela," kusho okhulumela amaphoyisa uFC van Wyk.

"Abasolwa abahlanu baboshiwe ngoLwesithathu ngokutholakala nemifaniswano yamaphoyisa.”

"Ngokwemibiko, imoto ibonakale ku-N2 ibheke eKapa. Ibe isichezuka ngomgwaqo ophuma ku-N2, yalibhekisa ngaseBaden Powel uma uya ngaseStellenbosch.

OLUNYE UDABA: 'Umthetho kumele udlale indawo yawo ngoPistorius'

"Ngesikhathi abasolwa bebona imoto yamaphoyisa babalekile, babonakala sebekhiphela ngaphandle izingubo imoto ihamba.

“Imoto ize yama eSomerset West, ngemuva kokushayisa isihlahla. Bobahlanu abasolwa baboshiwe. Emotweni kutholakale imifaniswano yamaphoyisa kanye nama-reflector jackets. Akekho noyedwa kubona oyiphoyisa."

Kuvulwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe, kanti uphenyo luyaqhubeka.

- Cape Argus

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.