Kuboshwe abane esikhungweni sokuthatha izincwadi zokushayela eKZN

2018-03-07 12:30

Durban – Kuboshwe abantu abangu-15 okubalwa kubo izisebenzi zesikhungo lapho kuthathwa khona izincwadi zokushayela eHowick.

Laba baboshelwe amacala abandakanya inkohlakalo mayelana nokukhipha ngokungemthetho amalayisensi, kusho abeRoad Traffic Management Corporation (RTMC).

Kuboshwe nabafundi abangu-9 abebefake izicelo zokwenza amalayisensi, umabhalane kanye nesisebenzi esihlanza isikhungo.

Ngokusho kukaSimon Zwane okhulumela abe-RTMC, laba basolwa baboshwe ngoLwesibili ngesikhathi amathimba ahlanganisa uphiko lwe-RTMC eliqapha ubugebengu, oKlebe kanye nophiko oluhlola ezokuthutha KwaZulu-Natal eqhuba umsebenzi wokulwa nenkohlakalo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili ngokudayisa izincwadi zokushayela

"Laba baboshwe ngemuva kophenyo oseluthathe unyaka wonke lapho bekuphenywa khona abasebenzi besikhungo sokuvivinywa kwabazothatha izincwadi zokushayela kanye nokuthathwa kwamalayisensi eHowick ngemuva kwezinsolo zokukhwabanisa nokungaziphathi kahle kwabasebenzi," kusho uZwane.

Uthi uphenyo lusaqhubeka kanti kulindeleke ukuba kuboshwe nabanye abantu.

"Esinye isisebenzi kasitholakalanga kanti izikhulu zezomthetho zinayo incwadi egunyaza ukuboshwa kwaso," kuphetha uZwane.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.