Kuboshwe abane ngesigameko esiyisihluku esenzeke emathuneni

2018-01-07 15:32

Burgersfort – Kuboshwe abantu abane ngesigameko saseTubatse ngaphandle kwaseBurgersfort lapho amanye amalungu omphakathi ehlasele, adubula aphinde ashisa abesilisa ababili ngaphambi kokuba babaphonse ethuneni likankosikazi womunye wabo obezogcwatshwa, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngeSonto.

Ithimba lamaphoyisa elijutshwe ngukhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLt-Gen Nneke Ledwaba libophe abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-59 ubudala, ngoMgqibelo ntambama, kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe.

Bonke baboshwe ngesigameko sokubulala esenzeke ngoLwesihlanu ekuseni kanti babhekene namacala okubulala, ukulimaza impahla, ukuphazamisa ithuna, ukutholakala nesibhamuu kanye nezinhlamvu.

Isibhamu sohlobo lwe-9mm, okukholakala ukuthi singesinye sezikhali ezisetshenzisiwe ukubulala, sishaqiwe. Abasolwa bazovela enkantolo kaMantshi ePraktiseer ngoMsombuluko, kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA: Ushonile owesimame owe esuka entabeni

NgoMgqibelo, uNgoepe uthe kuthiwa amalungu omphakathi abengcwaba unkosikazi womunye wabesilisa ababulewe eMashifane village ngabo-08:00 ekuseni ngesikhathi behlasela umyeni kanye nomngani wakhe.

Kuthiwa omunye wamalungu omphakathi ukhiphe isibhamu wabadubula, bashiswa bafaka izidumbu zabo emgodini, base befaka ibhokisi lowesifazane ngaphezu kwabo, bagqiba umgodi, bahlakazeka abantu.

Okwamanje akwaziwa okuholele kulesi sigameko, kusho uNgoepe.

Onemininingwane engasiza ekuboshweni kwabanye abasolwa angaxhumana noBrigadier James Espach ku-082 576 0743, noma bafonele i-crime stop ku-08600 10111.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.