Kuboshwe abangu-4 500 bewela umngcele ngokungemthetho

2018-01-08 16:00

Harare - Amaphoyisa aseZimbabwe abophe abantu abangaphezu kwabangu-4 500 eBeitbridge ngokuzama ukuwela umngcele ngokungemthetho.

Ukuboshwa kwala bantu kwenzeke ngaphambi kwamaholidi kaKhisimusi nangawo amaholidi, ngesikhathi kunesiminyaminya esikhulu emngceleni.

Amaphoyisa eBeitbridge athi kuboshwe abantu abangu-4 502 ngecala lokuphula umthetho i-Immigration Act ngokuwela umngcele.

Iphephandaba iHerald libike ukuthi ukuboshwa kwabo bonke abantu baboshwe phakathi kukamhlaka-1 Disemba nangomhlaka-7 Januwari.

OLUNYE UDABA:Ziboshwe seziyowela umngcele iziboshwa ezeqile

Isikhulu samaphoyisa uFrancis Phiri, utshele iphephandaba ukuthi ukuboshwa kwala bantu kuyingxenye yomsebenzi wokubuyisela indlela yokusebenza esimeni esikahle emngceleni.

Iningi lezingane zaseZimbabwe ziyashushumbiswa ngaphandle kwamaphepha afanele ukuyochitha amaholidi kaKhisimusi nabazali bazo abazinze eNingizimu Afrika.

Khonamanjalo, i-Independent ibike ukuthi izinga lesiminyaminya linyukile ngeSonto iningi labantu selibuyela eNingizimu Afrika njengoba izindawo eziningi zivulwa ngoMsombuluko.

 - EWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.