Kuboshwe abasolwa abangu-11 ngokutholakala kwezimoto ezingu-10 ebeziduniwe

2016-08-13 13:00

Durban - Kuboshwe abantu abangu-11 abasolwa ngokuduna izimoto kwatholakala nezimoto ezingu-10 KwaZuluNatal, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.

"Ukusebenza ngokubambisana kwamaphoyisa aseShowe, ithimba lecrime intelligence, abaseshi, amaphoyisa aseMpangeni namaphoyisa ophiko lwe-K9 aseMpangeni kube yimpumelela njengoba kuboshwe abasolwa abangu-11," kusho uCaptain Nqobile Gwala.

OLUNYE UDABA: Kudunwe imoto yomdlali eKapa

Ithimba lilandele imikhondo endaweni yaseShowe mayelana nokubikwa kwamacala okudunwa kwezimoto oThungulu.

Abasolwa baboshwe eShowe kwatholakala nezimoto ezintathu eziduniwe.

Izimoto ezitholakele kubalwa kuzo amaveni amabili ohlobo lwe-Toyota Hilux, iVW Polo. Izimoto zadunwa eShowe, eGingindlovu naseMlazi ngo-Agasti nangoJuni.

Abasolwa ababoshiwe babandaknyeka kuhide lwamacala okuduna ezindaweni zaseShowe, eGingindlovu namaphethelo, kubika i-SABC.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.