Kuboshwe abasolwa ngokubulala 'isigebengu' eThekwini

2017-09-29 14:00

Durban - Amaphoyisa asePinetown eduzane naseThekwini abophe abantu abangu-6 ngemuva kokushaya babulale indoda, 27, esolwa ngokuba yisigebengu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbhele, uthe ngoLwesine ngezithuba zabo-05:30, abaseshi basePinetown babophe abasolwa abangu-6 abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-63 ubudala ngokubulala isisulu, 27, eWyebank eduzane nasePinetown.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

"Kusolwa ukuthi ngoLwesithathu wangomhlaka-27 Septhemba ngezithuba zabo-21:00 isisulu sasisendlini, eCanna Crescent, eWyebank, ngesikhathi kufika iqulu labantu lizosilanda.

"Isisulu sathelwa ngesibhaxu ngezinsolo zokweba, sishaywa nangemvubu, kuthe ngokuhamba kwesikhathi sahlengwa amalungu omndeni waso asiphuthumisa esibhedlela lapho esashonela khona.

"Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa asePinetown ukuze kuzophenywa. Abasolwa ababoshiwe bazothweswa icala lokubulala kanti futhi kulindeleke ukuba bavele enkantolo maduzane."

Amaphoyisa asigxekile isenzo sala bantu ase enxusa umphakathi ukuba ungazibambeli umthetho ngezandla.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele uCrime Stop ku-08600 10111.

 
 - African News Agency

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.