Kuboshwe abathathu ehostela KwaMashu

2018-01-08 11:00

Durban - Amaphoyisa asebophe abasolwa abahlanu ababanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni endaweni yasoLundi naKwaMashu.

Amaphoyisa akhiphe isitatimende athi ngeSonto ngezithuba zabo-13:30, amaphoyisa asoLundi abematasa elwa nobugebengu ikakhulukazi ezinxanxatheleni zezitolo.

"Ngesikhathi eqhuba umsebenzi wawo, abone amadoda amabili abesolisa endaweni ase ewamisa. La basolwa bobabili baseshiwe batholwa nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nezinhlamvu.

"Bobabili abasolwa baboshiwe bathweswa icala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni."

OLUNYE UDABA:Bazovela ngonyaka ozayo ababoshelwe izibhamu ezingekho emthethweni

Amaphoyisa athe la basolwa, oneminyaka engu-24 noneminyaka engu-39 ubudala, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yasoLundi ngoMsombuluko.

"Izibhamu ezitholakele zizohlolwa ukuze kuzotholakala ukuthi azikaze zibandakanyeke yini kobunye ubugebengu esifundazweni."

Khonamanjalo kwesinye isigameko, kuboshwe abasolwa abathathu ehostela KwaMashu, enyakatho yeTheku, ngemuva kokutholakala nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.

"Baboshwe ngeSonto ngemuva kokuba amaphoyisa elandele imininingwane ngezinhlelo zokubanjwa kwenkunzi isitolo esiseNanda. Abasolwa baboshwe bengakayibambi inkunzi kuleyo ndawo.

"Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko."



 - The Mercury

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.