Kuboshwe abathathu kulandela ukuqubuka kodlame losomatekisi eSoweto

2017-06-06 11:32

Johannesburg - Kuboshwe abasolwa abathathu eSoweto kulandela ukuqubuka kodlame ngenxa yengxabano ebiphakathi kwezinhlangano zamatekisi ezimbili.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubela uthe ababoshiwe baboshelwe ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Le ngxabano ishiye abagibeli bexakekile ngoLwesibili ekuseni, amaphoyisa aqinisekisa imibiko yesigameko sokudubula endaweni.

Le mpi ephakathi kweWitwatersrand African Taxi Association (Wata) neNancefield Dube West Taxi Association (Nanduwe) isifinyelele kwelinye izinga.

OLUNYE UDABA:Kubulawe usomatekisi njengoba kuqhubeka udlame lwamatekisi

Ukuhamba kwamatekisi kuphazamisekile ngoMsombuluko ntambama eSoweto abagibeli bekhishwa ematekisini betshelwa ukuba abathole ezinye izinto zokuhamba.

Okhulumela iWata uGeorge Maphala utshele abomsakazo iPower FM ukuthi isinqumo sokumisa ukuhamba kwamatekisi sithathwe ngenxa yokuvikela abagibeli.

"Abashayeli bebeshaywa ngamatshe bephinde bedutshulwa. Kusukela izolo ntambama, bathathe isinqumo sokumisa ukuhamba kwamatekisi emgwaqeni bathole ukuthi kungani bedutshulwa, babulawelani nokuthi bahlaselelwani," kusho uMaphalala.

"Sizama ukuxazulula udaba...sizama nokuvikela abagibeli."

Abagibeli, ikakhulukazi abasendaweni yase-Orlando, eDube, eRockville, eMolofo, eNaledi, Jabulani nabaseMndeni basale dengwane njengoba amatekisi engekho.

Le ngxabano iphinde yaphazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqeni eSoweto njengoba umgwaqo omkhulu waseSoweto obheke edolobheni izimoto zihamba kancane kuwo.

Khonamanjalo abamabhasi iReaVaya bathe amabhasi ahambela eSoweto angase abambezeleke ngenxa yombhikisho wosomatekisi.

 - Twitter:

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.