Kuboshwe abathathu kuqhubeka udlame lwamatekisi eMamelodi

2017-01-21 08:46

Pretoria - Kuboshwe abantu besilisa abathathu ngecala lokudala udlame emphakathini nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni ngemuva kokushiswa kwemoto nokucekelwa phansi kwezinye eMamelodi, ePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

"Sekutshalwe inqwaba yamaphoyisa endaweni ngenhloso yokuqapha isimo," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Masondo.

OLUNYE UDABA: Kufufusa udlame lwamatekisi eMamelodi

"Sifuna ukuqinisekisa ukuthi abagibeli abathinteki ekuhambeni kwabo. Kulwisana izinhlangano zamatekisi ezimbili kubangwa imizila. Angiwazi amagama alezi zinhlangano kodwa zibambe umhlangano."

UMasondo uthe kuboshwe amadoda amathathu ngodlame lwamatekisi ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebve ngoLwesine.

La madoda alindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMamelodi ngoMsombuluko.

UMasondo uqhube ngokuthi amaphoyisa  aphenya necala lokucekelwa phansi kwempahla. 

Lokungaboni ngaso linye kwalezi zinhlangano kuthinte abagibeli njengoba bethe bafika ngemuva kwesikhathi sokungena emisebenzini ngenxa yokungazitholi ngesikhathi izinto zokuhamba ngoLwesihlanu ekuseni.

 - ANA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.