Kuboshwe abathathu ngokubulawa kowesifazane wase-E Cape

2017-07-31 13:58

King William's Town - Amaphoyisa aseWillowvale, eKing William's Town, ngoMsombuluko abophe amadoda amathathu ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulala owesifazane, 52.

Isidumbu sitholwe umuntu obedlula ngasehlathini eduzane nasedolobheni iWillowtown ngeSonto.

Udaba lwabikelwa amaphoyisa abe eseqalisa uphenyo. Lo wesifazane kusolakala ukuthi uyisakhamuzi sasemijondolo yaseWillowvale.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu sesalukazi sigwaziwe emzini waso

UCaptain Jackson Manatha uthe lo wesifazane, obengenawo amanxeba abonakalayo kanti kubonakala sengathi uklinyiwe.

Uphenyo lwamaphoyisa aseWillowvale aluzange luthathe isikhathi eside, kwaboshwa amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-26 ubudala.

Yize kunjalo amaphoyisa athe okwamanje abengakayitholi imbangela yokubulala.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoLwesibili.

 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.