Kuboshwe abathathu ngokuthumba usomabhizinisi wase-China

2017-09-11 13:59

Cape Town - Amaphoyisa aseKapa abophe abasolwa abathathu ngecala lokuthumba usomabhizinisi odabuka kwelaseChina.

Kuthiwa laba basolwa bathumbe lo somabhizinisi bafuna imali ukuze bamdedele.

Ngemuva kokuba bakhokhelwe le mali abebeyifuna, bakwazile ukumdedela nokuyilapho ababanjwe khona.

Ngesitatimende, uSergeant Noloyiso Rwexana okhulumela amaphoyisa uthe: “Ngemuva kokuba kuvele umbiko mayelana nokuthunjwa kukalo somabhizinisi, kwaphuma omunye wokuthi abasolwa bafuna imali ukuze bamdedele. Amaphoyisa enze uphenyo alandela yonke imibiko kwaze kwaba wukuthi abasolwa abathathu bayabanjwa ngeSonto ebusuku."

OLUNYE UDABA:Usomabhizinisi uzosiza ngezindleko zomngcwabo kaLundi - Umbiko

Lo somabizinisi wathunjwa ngoMgqibelo eseMonte Vista. Abasolwa baqale bafuna u-R 1million ukuze bamdedele kodwa bangcina sebeyehlise yaba ngu-R100 000 ngemuva kokuxoxisana nomndeni.

Le mali yakhokhwa, wase eyadedelwa lo somabhizinisi.

Ngemuva kokuthi esekhululwiwe, amaphoyisa abambe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-31, 33, no-40 ubudala eBloekombos, eKraaifontein.

Batholakele nengxenye yemali abebeyifuna ngomsolwa kanye nemoto ebisetshenziswa kulesi sigameko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.