Kuboshwe abatholakale nensangu engadayisa u-R75 000

2017-09-27 06:48

Rustenburg - Kuboshwe abantu ababili abatholwe nensangu yemali elinganiselwe ku-R75 000 ngentengo yasemgwaqeni, eStilfontein, eduzane naseKlerksdorp ngoLwesibili, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Okhulumela amaphoyisa, uSergeant Kelebogile Moleko, uthe amaphoyisa ancinzwe indlebe mayelana nephasela elisolisayo ebelizolandwa enkampanini ethile ediliva impahla.

Amaphoyisa aphuthume endawen yesigameko afika alinda ngaphandle kwebhilidi lale nkampani.

OLUNYE UDABA:Owesimame uboshelwe ukushushumbisa insangu eZakheni

"Ngemuva kwesikhashana kwaphuma abasolwa ababili emotweni eluhlaza yohlobo lwe-Chevrolet Spark beyolanda leli phasela. La basolwa bamiswe ngamaphoyisa ngesikhathi sebephuma ngomnyango kule nkampani," esho.

"Ngokwemininingwane, kuseshwe imoto yabo kwatholakala ibhokisi elikhulu ebeligcwele insangu elinesisindo esingu-15kg engadayisa ngemali engu-R75 000 ngentengo yasemgwaqweni."

Abasolwa, oneminyaka engu-47 ubudala noneminyaka engu-48 ubudala, abakwazanga ukuchaza ngaleli phasela babe sebeboshwa.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp ngoLwesithathu.



 - African News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.