Kuboshwe abatholakale nezintambo zikagesi ezingabiza u-R170 000

2017-10-18 11:00

Johannesburg – Abesilisa ababili baboshiwe ngemuva kokutholakala nezintambo ze-copper ezebiwe ezingabiza u-R170 000, kusho amaPhoyisa kaMasipala eKurhuleni (EMPD).

Abesilisa ababili, abaneminyaka engu-26 nengu-37 ubudala, baboshwe eDunswart ngaseBoksburg, empumalanga yeGoli ngoLwesibili ntambama, kusho okhulumela amaphoyisa uChief Superintendent Wilfred Kgasago esitatimendeni.

Uthe baboshwe ngesikhathi bengena “e-scrap yard beyodayisa izintambo zikagesi ezebiwe.”

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo unogada osolwa ngokudlwengula izingane zesikole

UKgasago uthe izintambo okusolwa ukuthi zebiwe zitholakale evenini ngemuva.

Abesilisa kuthiwa bagqekeze izitolo zikagesi eKurhuleni, e-Edenvale, ngeSonto ebusuku, kusho uKgasago.

"Izikhulu zezitolo zikagesi zikwazile ukukhomba ngempumelelo izintambo ezebiwe ngemuva ngokubona izinombolo ebezibhalwe ezintanjeni,” esho.

Abesilisa kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi e-Edenvale ngoLwesithathu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.