Kuboshwe abatholwe nensangu neWhoonga eMlazi

2017-01-24 16:04

Durban - Kuboshwe abasolwa abangu-8 ngokutholakala nezidakamizwa okubalwa kuzo insangu neWhoonga endaweni yaseBhekithemba, eMlazi, KwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Pkhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseBhekithemba esebenisana namanye agasele endaweni yakhona eBhekithemba.

OLUNYE UDABA: Ziboshiwe izithandani ezifihle izidakamizwa ebhukulweni lengane

Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-8 ngokutholakala nensangu kanye neWhoonga ngesikhathi egasela ezindaweni okubhenywa nokuthengiswa kuzo iWhoonga eBhekithemba.

Ngesonto eledlule kwadutshulwa kwabulawa abantu abangu-6 emzini oseGeorgedale, nakuba imbangela yesigameko ingakaziwa, kwatholakala iWhoonga emzini wezisulu.

"Siyacela ukuba umphakathi usebenzisane namaphoyisa ekulwisaneni nezidakamizwa endaweni ngokusibikela ngobugebengu," kusho uZwane.

Kulindeleke ukuba abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi namuhla ngokutholakala nezidakamizwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.