Kuboshwe abebezama ukuduna iloli eSidakeni

2017-01-05 18:01

EMnambithi - NgoLwesithathu, amaphoyisa abizelwe endaweni endaweni yaseSidakeni lapho kugetshengwe khona iloli.

 Umshayeli waleli loli kanye nomsizi wakhe bahlaselwe amadoda amabili abezivale ubuso, oyedwa walawa madoda ubehlomile.

 Umshayeli nomsizi wakhe bathuke bamemeza nokuyinto ethuse lezi zigebengu zagcina sezibaleka.

 OLUNYE UDABA:Abasolwa baholele amaphoyisa ekutholakaleni kwesidumbu

Kusukume ngokushesha amaphoyisa aseNewcastle ophiko lokubuyisa ukuthula emphakathini.

La maphoyisa abambe umsolwa oyedwa okunguyena obekahlomile, isikhali sakhe ubesifihle ebhulukweni kanti ubanjwe ezama ukuwela umfula.

 Lo msolwa uzovela phambi kwemantshi yaseZakheni ngamacala okuzama ukugebenga ehlomile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.