Kuboshwe abesifazane abahlanu ngokudayisa ingane yomfana

2017-06-20 12:29

Lagos – Amaphoyisa aseNigeria kubikwa ukuthi abophe abesifazane abahlanu abasolwa ngokuthumba nokudayisa ingane yomfana eneminyaka emithathu ubudala ngemali engaphansi kuka-$2 000 (R24 872).

Ngokombiko wePunch, abasolwa, uChinonye Okere, Joy Ama, Eucheria Amadi, Pauline Uzoamaka noNnenne Okere bakhonjiswe izintatheli e-Owerri, esifundeni i-Imo ngempelasonto.

Umkhuzi wamaphoyisa, uChris Ezike, uncome ithimba lakhe ngomsebenzi oncomekayo ngemuva kokuba liye eLagos layohlenga umfana elingadalulwanga igama lakhe.

OLUNYE UDABA: Uhlawulisiwe othenge ngemali engumbombayi

Uchaze abasolwa njengeqembu lezigebengu elenza izinto eziyihlazo.

"Ukuthola nje ukuthi badayise ingane enhle kanjena ngo-N600 000 ($1 906) kuyihlazo kabi. Ngeke sibaxolele,” u-Ezike ucashunwe esho kanje.

Kuphenywa nangephoyisa okusolwa ukuthi lisebenzisana nalaba besifazane.

Kunemibiko ethi kudlangile ukuthunjwa kwezingane kuleliya lizwe ngenhloso yokuziphoqa ukuba zibe ngamadelakufa ezidlamlilo iBoko Haram.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.