Kuboshwe abesimame ababili bebanjwa nemoto eyebiwe

2016-12-30 18:02

Mitchell's Plain - Amaphoyisa aseMitchells Plain awazibekile phansi njengoba enza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi imigulukudu ayikutholi ukuphumula.

NgoLwesine, kuboshwe abasolwa ababili kwisivimba mgwaqo ebesibanjelwe ekhoneni lika-Eisleben no-Baden Powell Roads, Rocklands, eMitchell’s Plain.

Amaphoyisa abone imoto emhlophe yohlobo lweToyota Corolla enezinombolo CEY 63671, ihamba abesimame ababili.

OLUNYE UDABA:Sitholakele isibhamu sephoyisa esebiwe esitelekeni sabokufika eTshwane

Ngesikhathi ihlolwa, amaphoyisa athole ukuthi le moto yebiwe endaweni yaseSomerset West.

Laba basolwa abaseminyakeni ka-26 no-31 ubudala baboshelwe kule ndawo kanti babekwe icala lokutholakala nemoto eyebiwe.

Bazovela enkantolo maduze kodwa uphenyo lusaqhubeka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.