Kuboshwe abokufika ngelokuthumba nokuphanga eGoli

2017-08-31 07:00

Jophannesburg - Amaphoyisa athungatha abanye abantu abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokuthunjwa kwengane eneminyaka emibili ubudala ngesikhathi kuphangwa eDunnottar, e-East Rand, eGauteng.

Ingane yathunjwa egaraji, yatholakala e-Evaton North, eningizimu yeGoli.

Okhulumela amaphoyisa uThivhulawi Tshilate, uthe selokhu kwenzeka isigameko kusaboshwe abantu ababili bokufika kuleli ngecala lokuphanga nokuthumba.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abokufika betholakala nezidakamizwa ezingabiza u-R20m

"Abasolwa abane bangena esitolo bakhomba ummangali ngesibhamu. Bathatha isamba semali esingadaluliwe. Bathumba ingane yomfana, 2, babaleka ngemoto yohlobo lweToyota Corolla esiliva.

"Kube sekuboshwa abantu ababili bokufika kulandela imininingwane evela kumalungu omphakathi kanjalo nophenyo.

"La basolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNigel maduze," kusho uTshilate.

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.