Kuboshwe amadoda amabili ngokudayisa izidakamizwa eThekwini

2017-06-20 12:30

Durban – Kuboshwe amadoda amabili ngokutholakala nendathane yezidakamizwa zohlobo lwe-heroin, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

La madoda, eneminyaka engu-20 nengu-37 ubudala, abanjwe namaphilisi angu-240 e-heroin nemali engu-R5 800 ePhoenix, enyakatho yeTheku, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA:Owesilisa uthi wadliswa izidakamizwa wadlwengulwa

Uthe la madoda abephethe enye imali engu-R6 480, okukholakala ukuthi ayithole ngobugebengu.

"Amaphoyisa ahlanganise ithimba kulandela ukuzwakala kokuthi kunemizi esolwa ngokuba yizidleke zezidakamizwa endaweni. Kube sekugaselwa kule mizi, kwaboshwa abasolwa ababili."

Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, utuse amaphoyisa abeyingxenye yalo msebenzi waphinde wanxusa amalungu omphakathi ukuba "aqhubeke nokukhipha labo ababandakanyeka ezigamekweni ezifana nalezi".

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoSuku lweNtsha umholi we-DA uMmusi Maimane uhambele kule ndawo eyolwisana nesihlava sezidakamizwa esihaqe leya ndawo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.