Kuboshwe amadoda atholakale 'nempahla eyebiwe'

2017-10-15 08:30

Johannesburg - Amaphoyisa, eMotetema, eGroblesdal abophe abantu ababili ngokutholakala nempahla okusolwa ukuthi yebiwe yemali engaphezu kwengu-R1 million, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoMgqibelo.

La madoda, eneminyaka engu-29 neneminyaka engu-42 ubudala aboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngamalungu omphakathi mayelana neloli esolisayo ebonakale yehlisa impahla esitolo esisendaweni ebusuku ngoLwesihlanu, kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Umama ubophise indodana eyithola 'nempahla eyebiwe'

"Amaphoyisa agxume ahlala ngesikhathi encizwa indlebe ngalolu daba, afika kulesi sitolo afica kusehliswa impahla elolini. Kufunwe amaphepha agunyaza le mpahla kula madoda kodwa ahluleka ukuwakhipha, abe eseboshwa."

Kule mpahla etholiwe ebalelwa emalini engaphezu kwengu-R1 million bekukhona, insipho zokugeza, ama-ta-soft, imithi yokuxubha nokunye.

La madoda klulindeleke ukuba avele enkantolo yemantshi yaseMotetema ngoMsombuluko ngecala lokutholakala nempahla engekho emthethweni, kusho uNgoepe.
 
– African News Agency (ANA)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.