Kuboshwe amaphoyisa abanjwe oqotsheni amukela intshontsho

2017-09-17 08:34

Johannesburg – Amaphoyisa amabili eSouth African Police Service akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokwamukela intshontsho kumsolwa kolwezidakamizwa.

Kuthiwa aphinde atholakala neziqhumane.

"Amalungu eNational Traffic Anti-Corruption Unit, abefake iso esiteshini samaphoyisa eFlorida, eRoodepoort, eGauteng, abhadame amaphoyisa amabili amukela intshontsho,” kusho okhulumela iRoad Traffic Management Corporation, uSimon Zwane.

La maphoyisa atholwe nemali engu-R3 000 kuwona.

UZwane uthe kukholakala ukuthi la maphoyisa ngaphambilini abebophe owesilisa otholakale nezidakamizwa, ase exoxisana naye bafinyelela esivumelaneni sokuthi awafumbathise khona icala lakhe lizonyamalala.

“Amalungu ophiko olulwisana nenkohlakalo, esizwa ngawomgwaqo kanye ne-SAPS, abophe laba ngemuva kokubabona bethatha le mali lapho kupakwa khona izimoto esiteshini samaphoyisa esiseFlorida,” esho.

UZwane uthi kuthe uma sekuseshwa iveni la maphoyisa abehamba ngayo kwatholakala iziqhumane ezintathu.

“Ukuboshwa kwala maphoyisa kuthumela umyalezo onqala wokuthi ngeke siyibekezelele inkohlakalo ngaphakathi embuthweni,” esho.

Uthe la maphoyisa azovela eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoMsombuluko.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.