Kuboshwe amaphoyisa amahlanu ngokubulala umfana eNewcastle

2018-03-06 09:30

eThekwini - Uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID ikuqinisekisile ukuboshwa kwamaphoyisa amahlanu ngecala lokubulala.

Amaphoyisa amabili angama-warrant officer kanti amabili ngama-constable baboshwe ngoMsombuluko ngecala lokubulala u-Ayanda Njabulo Tshuma wayeneminyaka engu-19 ubudala.

UTshuma wabulawa ekhaya kubo eMadadeni ngoJanuwari ngesikhathi amaphoyisa esesha kulo muzi efuna izidakamizwa.

UMoses Dlamini okhulumela abe-IPID uthi amaphoyisa abika ukuthi umsolwa wanqaba ukuboshwa, amaphoyisa ase eqinisa isandla kuyena baze bamubopha.

"Ngesikhathi befika esiteshini samaphoyisa, umsolwa utholakale esedindilizile ngemuva evenini yawo amaphoyisa,"kusho uDlamini.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke livele enkantolo iphoyisa elisolwa ngokubulala umndeni

UDlamini uthi ofakazi abazibonele ngawabo bathi umsolwa washaywa ngamaphoyisa esasekhaya kubo.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ivumelana nofakazi ngokuthi uTshuma washaywa.

Umsolwa oyedwa kulawa maphoyisa amahlanu ubhekene nelinye icala lokuzama ukubulala.

"Lo msolwa uzovela enkantolo ngo-Ephreli ngelinya icala lokuzama ukubulala eMadadeni,"kusho uDlamini.

Bonke laba basolwa bazovela namuhla (ngoLwesibili) eNkantolo yaseMadadeni ngecala lokubulala uTshuma.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.