kuboshwe amaphoyisa amathathu ngezinsolo zenkohlakalo

2017-07-22 10:25

Johannesburg - Kuboshwe amaphoyisa omgwaqo amathathu ngezinsolo zokufuna imali kowesilisa.

Kukholakala ukuthi la maphoyisa atshela owesilisa ukuthi ukuba awakhokhele imali engaphezu kwengu-R40 000 wokuhlola inqwaba yamabhasi akhe nakuba ukuhlola kumahhala uma kungamaholidi ezingane zesikole.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amaphoyisa angu-8 e-KZN ngawenkohlakalo

Lawa maphoyisa aqala ngokufuna imali engango-R3 000 le ndoda yavuma, kodwa yabe isikhetha ukuwajikela ngokuhamba kwesikhathi.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malobane uthe: "Le ndoda ibe isibikela omunye wabasebenzi bethu kwezokuxhumana. Sibe sesibikela amaphoyisa ophiko loKlebe kanye nawomnyango nokuyilapho okwenziwe khona uphenyo olunzulu ukuze kubanjwe lawa maphoyisa."

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.