Kuboshwe amaphoyisa angu-7 ngokukhwabanisa

2017-01-18 16:00

Pretoria – Amaphoyisa angabaseshi abesebenzela eziteshini zamaphoyisa eRabie Ridge kanye naseBenoni asekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokukhwabanisa okulinganiselwa ku-R50 000.

Laba abayisikhombisa baboshwe kulandela umkhankaso wezobunhloli wophiko loKlebe ngemuva kokuthi befake izicelo zokukhokhelwa imali yokuba sohambweni maphakathi noMashi 2014 kanye noMashi 2015.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amaphoyisa ngezinsolo zokugwazelwa

Laba basolwa asebeneminyaka ephakathi, kwengu-11 kanye nengu-35 besebenza, uWarrant Officer Ali Mohlala, 55, uSergeant Johanna Msiza, 41, uSergeant Boycot Zembe, 37, uSergeant Gilbert Mohambi, 36, uSergeant Nare Lephalale, 37, uSergeant Marcus Malebe, 37, kanye noSergeant Moteku Tlolane, 40.

INhloko yoKlebe, uMajor General Prince Mokotedi, uzigxekile lezi zenzo zobugebengu ezenziwe ozakwabo, wathi kuyathusa futhi akukwazi ukuzitshwa.

“Sizimisele ngokusiphula inkohlakalo kanye nazo zonke izenzo zobugebengu ezinhlakeni zethu njengoba ngokulinganayo sizinikele ukuqinisa ukwethembeka embuthweni wethu,” kusho uMokotedi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.