Kuboshwe amaphoyisa angu-8 e-KZN ngawenkohlakalo

2017-05-31 16:01

Durban – Amaphoyisa ayisishiyagalombili asebenzela eGolela Border Post, KwaZulu-Natal, aboshelwe amacala ahlobene nenkohlakalo, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-43 ubudala, baboshwe ngamanye amaphoyisa asebenza ophikweni lukazwelonke lweCounter Crime Intelligence Division kanye nabaseshi base-KZN.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe uphenyo lwezinyanga ezingu-8 luveze ukuthi amaphoyisa asolwa ngokufuna ukufumbathiswa ukuze adedele impahla nezimoto ukuba zeqe umngcele ziye eSwazini.

"Kuthe uma sekuqoqwe ubufakazi obanele, abaphenyi bathola izincwadi ezigunyaza ukuba babophe abasolwa.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ngelenkohlakalo eKapa

UNaicker uthe ithimba libe selibabela kulo mngcele ngoLwesibili, kwaboshwa amaphoyisa amane esemsebenzini.

“Amanye amaphoyisa amabili aboshwe enkanjini kwathi amanye amabili aboshwa esoPhongolo.”

Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa.

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula naye ukwamukele ukuboshwa kwala maphoyisa wathi kuhambisana nesiphakamiso sakhe “sokukhuculula inkohlakalo embuthweni”.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.