Kuboshwe amaphoyisa ngokutholakala nogwayi ongekho emthethweni

2017-01-23 10:02

Durban - Alale ebaliwe amaphoyisa amabili abehambisana nabanye abesilisa ababili ngoLwesihlanu eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natal, ababanjwe ngabakwasidlodlo nogwayi ongekho emthethweni ongabiza u-R180 000.

Lesi sigameko senzeke emgwaqeni uN2 ejikeni laseNkodibe khona eMtubatuba, kubika iphephandaba ILANGA.

Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa aKwaZulu-Natal, amaphoyisa abenezivumbagwaqo nokuthe uma emisa izimoto ezimbili ebezisolisa, obekuyiToyota Hilux neToyota Etios, zavele zabaleka.

Amaphoyisa ahlabe umkhosi kozakwabo mayelana nalezi zimoto ezisolisayo.

OLUNYE UDABA:  Kugqekezwe imoto yomgwadli woSuthu

“Lezi zimoto zivinjwe ngamaphoyisa zaseshwa. Kutholakale amabhokisi angu-36 ogwayi ongekho emthethweni kwiToyota Hilux. Kube sekuboshwa ababili ngokutholakala nogwayi ongekho emthethweni.

“Kutholakale ukuthi i-Etios ngeyamaphoyisa kodwa engabhaliwe njengoba abatholakale phakathi kungamaphoyisa abegade iToyota Hilux.”

Amaphoyisa asebenzela lapho kuhlolwa khona izimoto eSiphingo, eningizimu yeTheku, aboshiwe, kusho isitatimende.

Bobane abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi eMtubatuba ngecala lokutholakala nogwayi ongekho emthethweni, elenkohlakalo kanye nokudelela ingalo yomthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.