Kuboshwe ikhansela ngokugwazisa abafuna imisebenzi

2017-11-01 09:30

Polokwane – Kuboshwe ikhansela lewadi kuMasipala wasePolokwane ngoLwesibili ngokukhokhisa abantu abafuna umsebenzi ukuze bezoqashwa, kusho oKlebe eLimpopo.

Okhulumela oKlebe uCaptain Matimba Maluleke uthe umsolwa,35, uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngokuthi lona wesifazane ubegwazisa abantu abafuna umsebenzi.

"Umsolwa ubanjwe waboshwa ngemuva kokwamumela u-R2 000 ephjoyiseni elizenze umuntu ofuna umsebenzi,” kusho uMaluleke.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi ePolokwane maduzane.

Kwesinye isigameko, u-Irene Pienaar, 55, uvele kafuphi eNkantolo kaMantshi eTzaneen ngamacala angu-91 okukhwabanisa.

OLUNYE UDABA: Ubanjwe eGoli owagebenga ibhizinisi eNquthu

UMaluleke uthe uPienaar udedelwe ngebheyili ka-R2 000. UPienaar wayesebenzela i-Johan Steyn Attorneys Phakathi kuka-2014 no-2016 enza umsebenzi wokuphathwa kwezimali.

"Inkampani yabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngezimali zayo ngemuva kokwenza ucwaningo,” kusho uMaluleke.

Uthi udaba lwabikelwa oKlebe, kwatholakala ukuthi imali eyayikhokhwa amakhasimende wayeyifaka kwi-akhawunti yakhe yasebhange.

UPienaar kulindeleke abuyele enkantolo ngomhlaka 7 Disemba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.