Kuboshwe ikhansela nozenza isisebenzi ngezinsolo zokukhwabanisa ithenda

2016-07-08 08:08

Johannesburg - Kuboshwe iklhansela nozenza isisebenzi soMnyango wezabaSebenzi eNorth West ngokubandakanyeka ecaleni lokukhwabanisa ithenda lemali engu-R34 000.

UMorena Soato, 32, uboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe ngomhlaka-22 Juni kulande izinsolo zokuhlela ukuqola owesifazane oneminuyaka engu-46 ubudala owaklonyeliswa ngabomnyango wezabasenzi ngethenda lemali engu-R4.9 million eNorth West ukuba alungise izikole eziseBloemhof ngoDisemba 2015.

OLUNYE UDABA:UMnyango wezabaSebenzi uxwayisa amabhizinisi

"Ummangali usola ukuthi ngaphambi kokuba aze azi nokuthi uklonyeliswe ngethenda, uSoato weza kuye ezenza isisebenzi somnyango.

"Umsolwa kusolwa ukuthi watshela lo wesifazane ukuthi uthole ithenda lika-R4.9 million wathi uthunywe umqondisi womnyango ukuba ezomnika ingcwadi. Kusolwa ukuthi umsolwa wacela umnikelo ka-R34 000 ethi ngomwomnyango, imali ayikhokha lo wesifazane," kusho okhulumela amaphoyisa oKlebe uCaptain Tlangelani Rikhotso.

"Ngemuva kokubuzisisa emnyangweni lo wesifazane watshelwa ukuthi uliwine ngempela ithenda kodwa incwadi ayithola ikhwabanisiwe kanti futhi nomuntu amnika imali akasiye isisebenzi somnyango. Wabe esebikela amaphoyisa oKlebe umsolwa waboshwa waze wavela enkantolo yemantshi yasePotchefstroom ngomhlaka-23 Juni 2016 wadedelwa ngebheyili yemali engu-R3 000."

URikhotso uthe kuboshwe nekhansela elineminyaka engu-42 ubudala likaMasipala wendawo yaseLeekwe Teemane eBloemhof kulandela uphenyo .

"Isitatimende sasebhange sikamsolwa siveza ukuthi laba bobabili bahlangana ngokuqola lo wesifazane.

URikhotso uphinde wathi leli khansela lizovela eNkantolo yeMantshi yaseBloemhof ngomhlaka-8Julayi eyofaka isicelo sebheyili.

USoato yena uzovela eNkntolo yeMantshi yasePotchefstrrom ngoLwesihlanu.

TMG Digital

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Language Consultant

Century City
MPC Connect
R5 000.00 - R10 000.00 Per Month

Tax Compliance Officer

Cape Town
Goldman Tech Resourcing
R300 000.00 - R450 000.00 Per Year

Audit Manager

Cape Town Northern Suburbs
Placement Point (Pty) Ltd
R420 000.00 - R480 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.