Kuboshwe imenenja ngelokuphanga isitolo esebenza kuso

2017-01-04 11:31

Johannesburg - Imenenja yesitolo sezimpahla zokugqoka ePolokwane iboshwe kanye nomunye umuntu ebisebenzisana nayo ngemuva kokuba ibikele amaphoyisa ngesigameko sokuphanga esenzeke esitolo, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe imenenja yesitolo yashayela amaphoyisa ucingo ngoLwesibili ibika isihgameko sokubanjwa inkunzi isitolo ngamadoda ayehlomile.

OLUNYE UDABA: Kubhuntshe isigameko sokuphanga eKapa

"Lesi sigameko sabikwa yimenenja ngezithuba zabo-09:30 ekuseni. Yatshela amaphoyisa ukuthi ihlaseklwe abasolwa abangaziwa abebehlome ngesibhamu bayiyalela ukuthi ivule isisefo ikhiphe yonke imali. Ngemuva kophenyo olunzulu, kwaphuma amqiniso athi kungenzeka ukuthi yiyo eyahlela lesi sigameko," kusho uMojapelo.

Uphenyo lwaholela amaphoyisa endodeni eneminyaka engu-28 ubudala esigodini saseGa-Magowa. Amaphoyisa athola indatahne yemali eyebiwa kulesi sitolo.

Imenenja yesitolo eneminyaka engu-24 ubudala neyayisebenzisana nayo kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngoLwesithathu ngecala lokuphanga.

Imenenja izobhekana necala lokwephula isifungo sokukhuluma iqiniso, kusho uMojapelo.

 - Africa News Agency

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.